MEC salutes school principals in UGU District (Isizulu)

UNgqongqoshe wethulela isigqoko othishanhloko bezikole zaseSifundeni uGu

Kubika uMelba Nzimande kanti izithombe zithwetshulwe nguNoluthando Mazibuko

Ukugubha uSuku Lwamalungelo Abantu kanye neNyanga yamaLungelo Abantu, mhla zingama-22 kuMbasa wezi-2017 uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu kanye Nemisebenzi yoMphakathi, uMnu Ravi Pillay ehambisana nalabo asebenzisana nabo eminyangweni yakhe bendawo uhambele izikole ezimbili ezikuwadi 8 kuMasipala uMuziwabantu ngaphansi kweSifunda uGu. Uye wahambela izikole iGayiga Primary kanye neJolwayo Secondary okuyingxenye yohlelo lukahulumeni lokuqinisa kanye nokuletha uzinzo ngokubakhona kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe (i-OSS). Lolu hlelo luyindlela yokuxhumana phakathi komphakathi kanye nohulumeni bezindawo ukuze kuliwe nezinkinga eziqubukayo. ‘I-OSS’ seyenze okukhulu okuncomekayo kwezemfundo ekuqinisekiseni ukuthi intsha yaseNingizimu Afrika ithola imfundo ukuze ibe nekusasa elingcono.

UNgqongqoshe uqale ngokuvakashela eGayiga Primary lapho efike wahlabeka umxhwele ngobuholi bukathishanhloko wakhona, uNkk. Sikhosane. Uqalise eziningi izinhlelo lezi eziqondene nabafundi, esingabala, isikhungo esibhekele ukunakekelwa kwamazinyo sabafundi basemazingeni aphansi lapho befundiswa ukuxubha amazinyo ngisho nangesikhathi besesikoleni kanjalo nohlelo lokuphakelwa kwabafundi, olusiza abafundi ukuba badle ukudla okunomsoco esikoleni. UNkk. Sikhosane futhi uqalise nohlelo olumaqondana nabafundi olubhekane nezinye zezinkinga ezikhungethe umphakathi, ngokugxila ikakhulu ezinganeni ezidla izidakamizwa kanye nophuzo oludakayo, ukukhulelwa kwentsha kanye nokungangeni kwamafundi emakilasini ngesikhathi sokufunda. Ufake ugqozi ekuhleleni nasekusingatheni ukuhlinzekwa kwabafundi abangamantombazane ngemisubelo (sanitary pads), ikakhulukazi labo abaswele ngempela. UMnu Pillay umbonge wangaphezi uthishanhloko ngokuthanda isikole sakhe. Uye wamtusa yena nethimba lakhe wabe esethi, “yizinto ezinjena-ke ezifaka ugqozi lokwenza kahle kubafundi”.

 MEC salutes school principals in UGU District 1   MEC salutes school principals in UGU District 2

UNgqongqoshe Ravi Pillay ebongela uNkk. Sikhosane (ngenhla kwesokunxele) enza okufanayo nakuNkk. Mnini, uthishanhloko waseJolwayo Secondary (ngenhla kwesokudla)

Ohambweni lwesibili amabombo alibhekisa eJolwayo Secondary lapho ithimba lahlabeka umxhwele ngezinga lentshisekelo kanye nenkuthalo kathishanhloko, uNkk. Mnini. Onokwesekwa okumangalisayo akuthola emphakathini kanjalo nakumalungu eSigungu Esilawula Isikole. Izinga lokuphaswa kwe-maths lenyuke lisuka kuma-15,31% wangowezi-2015 lafinyelela kuma-71,43% onyakeni wezi-2016. UNkk. Mnini uthe ngonyaka wezi–2017 isikole sihlose ukuzuza ama-100% okuye kwathokozisa uNgqongqoshe kanye nazo zonke izimenywa ebezikhona.

Nakuba zombili lezi zikole zibe nezinselelo ezizethulile, bobabili othishanhloko banezinhlelo eseziqalisiwe ukubhekana nalezo zinselelo. Kuye kwaqinisekiswa ukuthi zombili lezi zikole ziqinisa ubudlelwane bazo neminye iminyango kahulumeni futhi lokhu kubonakala kuyindlela esebenzayo yokuxazulula izinkinga eziningi.

Usuku lwaphetha ngokuba kuhlanganwe nomphakathi lapho umphakathi watheleka ngezinkani wabamba iqhaza ngenkathi uNgqongqoshe exoxisana nawo, kanti nawo wambikela ngalokho okuwukhathazayo. Zashuba impela izinkulumo-mpikiswano ngenkathi umphakathi uveza ilaka lawo, kepha uNgqongqoshe wabaqinisekisa bonke ukuthi athi “sethembekile kubantu bethu; ngokubambisana nabantu bethu siqhamuka nezisombululo”. Wazibophezela futhi ngokusebenzisana nomasipala  uzozisukumela zonke izikhalo eziphakanyisiwe, okungukuthi izimpendulo zonke bayoziyothola ngasekupheleni kukaMbasa wezi-2017.

MEC salutes school principals in UGU District 3

MEC salutes school principals in UGU District 4

(Ngenhla) umphakathi ugcwele phama ulalele inkulumo kaNgqongqoshe Ravi Pillay

Okwahlaluka nje jikelele ngalolu suku, yingqikithi yohlelo i-Operation Sukuma Sakhe, maqondana nokuthi mingaki iMinyango kaHulumeni esayibambe ngakho ekusebenzisaneni nomphakathi kanye nezikole. Inhloso ye-‘OSS’ ukuqinisekisa imfundo esezingeni eliphezulu, ukusungulwa kwezingadi ezikoleni, ukwelulekwa ngokwengqondo kwabafundi abadinga lokho kwelulekwa, kanjalo nokufundiswa ngezempilo kwabafundi kanye nemiphakathi ukuzwe kugwenywe ukukhulelwa okungenasidingo kanye nezifo.

Ukuphetha, lokhu kushiya uhulumeni bezindawo bebona kahle hle ukuthi umkhankaso we-Operation Sukuma Sakhe wenze umsebenzi oncomekayo ezikoleni eziningi ezisemphakathini. Idlanzana eliphuma eNamibia beliyingxenye yalolu hambo lize lapha eNingizimu Afrika ukuzocoshela ulwazi maqondana nalesi sikhondlakhondla sohlelo ukuze nabo bayoqalisa okufana le kwelase Namibia. Kungubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi lolu hlelo lusika ukhasi ezweni lonke, ngisho nasemazweni angaphandle.

Message from the MEC


 

Contacts

Private Bag X9142, Pietermaritzburg, 3200

Tel no: 033 355 5500

E-mail: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.

This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.