Qala Manje Noma Uyeke: Ukuphila Ngendlela Enempilo

NgoLwesihlanu mhla zingama-23 kuNhlolanja wezi-2018, uMqondisi Omkhulu weHhovisi Lesifunda saseThekwini, uNkk Dudu Fihlela, ekanye nethimba lakhe labaphathi kanye nabasebenzi bathatha isinyathelo esinqala sokubamba iqhaza kanye nokusabela ekhweleni “lokuphila ngendlela enempilo”. Lona bekuwumcimbi okhethekile lapho bonke abasebenzi kanye nababambiqhaza behlangane khona eThekwini Lecture Hall ngenhloso yokuqwashisa, ukugqugquzela kanye nokweseka bonke abebewuhambele ukuthi baphile ngendlela enempilo. UNk. Nandipha Mathonsi, obhekele ukuphila kahle kwabasebenzi ehhovisi lesifunda (Regional Employee Health & Wellness Practitioner), nguye obehamba phambili ekwenzeni amalungiselelo alo mcimbi obaluleke kangaka.

Ezintweni ebezisohlelweni losuku kubalwa ukuhlinzekwa kosizo lokunakekelwa kwamazinyo okwenziwa nguNksz Amanda Khena, ongudokotela wamazinyo ekanye nomlingani wakhe uMnu. Mohau Selemakoro, bobabili basebenza e-STA Dental Services e-Phoenix. Babe nosuku olumatasa impela njengoba abasebenzi betheleke ngezinkani kumahambanendlwana abebesebenzela kuwona. UNk. Nonhlanhla Cele kanye noNksz. Nonhlanhla Shezi, bobabili abangabasebenzi bezempilo abavela kwa-GEMS bona bebehlola isimo sempilo emzimbeni kubantu abanezinkinga zezempilo; bekumahhala ukuhlolela iSifo Sofuba, iSandulelangculazi/neNgculazi, ukukhulelwa, isifo sikashukela, umfutho wegazi kanye nokuhlola isisindo somzimba siqhathaniswa nobude bomuntu (BMI). Babehambisana noNksz. Nqobile Phakama yena obebhucunga iningi labesifazane entanyeni nasemahlombe. UMnu. Mohamed kanye noNksz Rihana abaqhamuka e-Eye Wellness Clinic eMaphakathi neTheku bona bebesetafuleni elibhekele ukuhlolwa kwamehlo, okuyilona elivakashelwe abantu abaningi kakhulu njengoba bebeludinga usizo ‘lokunakekelwa kwamehlo’.

Sikushayela ihlombe kakhulu ukuthi nakuba uNkk Fihlela ubexinwe umsebenzi kakhulu ngalolu suku, kodwa ukwazile ukuzipha isikhathi ekanye noNksz. Nokubonga Mhlongo sokuthi bahambele wonke amatafula abekhona. Lokho kwenza kugcwalisa khona ukuthi iHhovisi Lesifunda saseThekwini selizakhele ubudlelwano obuhle bokusebenzisana nababambiqhaza abehlukene ekuqinisekiseni ukuthi ziyafezeka izidingo kanye nentshisekelo ekhona nhlangothi zonke. Abanye ababambiqhaza kanye nezinhlaka okusetshenziswana nazo bekuyizithunywa ezivela kwa-Debt Eraser (uNk. Sne Ntaka noMnu. Jerry Mohanlal), uMnu. Sheik kanye noNkululeko Ngomane abavela kwa-Rinaya Beauty & Jewellery, iZinhlangano Zezemishwalense kanye Nezokulawulwa Kwezezimali (Old Mutual, Metropolitan, Liberty Life, AVBOB, ASSUPOL and Corner Life).

Ukuphila ngendlela enempilo yikhona okulekelelayo ekugcineni nasekwenzeni ngcono ezempilo kanye nokuphila kahle kwabantu. Izinhlangano eziningi ezingaphansi kanye nezingekho ngaphansi kukahulumeni zilwela ukukhuthaza ukuphila ngendlela enempilo. Ukuze umuntu ahlale ephilile kumele adle ukudla okunempilo, azivocavoce, alawule ngendlela isisindo somzimba kanye nokuhlaselwa yingcindezi. Esikhathini esiphila kuso, kusemqoka futhi kungumqondo omuhle ukuthi wonke umuntu ahlale ephilile. Ukuphila ngendlela enempilo kungumphumela wokuthatha izinqumo eziphusile. Kubandakanya imikhuba emihle umuntu okumele azinqumele ukuthi uzoyikhandela isikhathi eside ukuze aphumelele. Ukuzijwayeza umkhuba wokuphila ngendlela enempilo yindlela yokuphila egcina umuntu ephilile emzimbeni, engqondweni nasemphefumulweni. Le mikhuba yenza ngcono impilo jikelele yomuntu imenze azizwe ephilile. Iphinde futhi ibandakanye ukuzivocavoca njalo, ukudla ngendlela efanele kumbe ukudla ukudla okunomsoco kanye nokugwema izidakamizwa ezinobungozi.

Ukuntenga kwesimo sezezimali (izikweletu, ukungahleleli ngendlela ukusetshenziswa kwemali, ukwehluleka ukuphatha ngendlela imali, nokunye.) isikhathi esiningi kuyinto enganakwa kanti kungenye yezinto ezinomthelela omkhulu ekutheni umuntu agcine ehlaselwe yingcindezi eholela ekutheni abanye bashone. Akuyona into elula ukuthatha izinqumo eziphusile maqondana nemikhuba yokuphila ngendlela enempilo futhi kudinga ukuthi umuntu ashintshe indlela acabanga ngayo. Uma unesifiso sokuyeka izinto ezithile ukuze uhlale uphilie, ekugcineni uzoyibona imiphumela, kungakhathalekile ukuthi ungakanani ngokweminyaka, ngokobulili kumbe ngokwesimo somzimba.

Ukuphila ngendlela enempilo kuqala ngokuthi kube nekhaya eliphilile. Ukuhlala endaweni ehlanzekile kubalulekile kakhulu empilweni yomzimba kanye nasempilweni nje jikelele. Uma sigoqa, ukusebenzela endaweni ehlanzekile nenempilo kwehlisa izinga lokuhlaselwa yingcindezi kuphinde kube nomthelela omuhle empilweni. Thatha isinqumo futhi usimele. Kuphakathi kokuthi uqala manje noma awusophinde.

Abantu kumele bathathe izinqumo eziphusile. Ukuphila ngendlela enempilo akumele kube yinto onelungelo lokuzikhethela maqondana nayo kodwa kumele kube yisibopho. Kungumsebenzi wethu sonke ukuthi sishumayezane ngaleli vangeli lokuphila ngendlela enempilo komunye nomunye.

Message from the MEC


 

Contacts

Private Bag X9142, Pietermaritzburg, 3200

Tel no: 033 355 5500

E-mail: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.

This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.