Sikufisela Okuhle, Zolani

Udaba nguVusi Shabalala kanti izithombe nguSane Mbhense

UPhiko Lwezokulawulwa Kwemisebenzi Edidiyele ngaphansi koMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi KwaZulu-Natali ngoMsombuluko mhla ziyi-18 kuZibandlela wezi-2017 uhlelele omunye wezinsika ‘ophikweni Lwezokunikezela Ngezidingo’ umcimbi wokuthi ndlelanhle omfanele ngempela uMnuz. Zolani Moosa, oNgumsebenzi oPhikweni Lukandabazabantu olubhekele uKulawulwa Kwezinguquko kanye Nokunikezela Ngezidingo.

Kukumarekhodi manje ukuthi, lo Mnyango unabasebenzi ababili abashiyayo ekupheleni kukaZibandlela wezi-2017. Sisanda kuvalelisa uMnu. Edward Shozi obesebenzela eHhovisi leSifunda Esimaphakathi(Midlands). Kubenzima kakhulu ukukwamukela lokhu kuMnu Duma, uMnu Sithole kanye noNkk. Fikile Luthuli ngokunjalo nethimba lonke loPhiko Lwezemisebenzi Edidiyele, ngesikhathi sebevalelisa kuZolani e-Auditorium eseNhlokoHhovisi. Mhla zimbili (2) kuMasingana wezi-2018, uZolani uzobe eqala ukusebenzela uMnyango Wezabasebenzi kwesokuba nguMsizi kaMqondisi: oPhikweni Olubhekele i-UIF, ePitoli, eSifundazweni i-Gauteng. ISikhwama Esibhekele Abangasasebenzi (UIF) siwuphiko olungaphansi koMnyango Wezabasebenzi olulekelela okwesikhashana kubasebenzi abaphelelwa umsebenzi kumbe abasuke bengasakwazi ukusebenza ngenxa yezimo esingabala kuzo ilivu yokukhulelwa, ilivu yokuyothola ngokusemthethweni ingane ongayizali noma ukugula. Luphinde lwelekelele labo abasuke beshonelwe yilowo okade ebondla ebe kade ephonsa kulesi sikhwama.

 

Ngesikhathi ethula amazwi akhe okuvula, uMnu. Mdunge, obenguMqondisi Wohlelo ukubeke kwacaca ukuthi akulula neze ukuthola amazwi afanele okuvalelisa kumlingani osuke eseshiya emnyangweni kumbe ehhovisi. Uqhubeke wathi, “Kubuhlungu ngempela ukuthi sihanjelwa ngabantu abazinikele ngalolu hlobo emsebenzini”. Nakuba kunjalo, abanye abalingani abasondelene kakhulu noMnu. Moosa bakwazile ukukhuluma badlulisa imiyalezo yabo yokuvalelisa. Omunye wabo kube nguNk. Prathna Kallicharan, oyi-Organisational Development Practitioner, uNk. Purity Matee, oyi-Personnel Practitioner engxenyeni ebhekele ukuThuthukiswa Kwamakhono oPhikweni Lukandabazabantu (HR) kanye noMnu. Mthinteni Nzuza, onguMsizi kaMqondisi: Kwezokulawulwa Kwezinguquko kanye Nokunikezela Ngezidingo. Ngamafuphi, imiyalezo yabo ibidlulisa kakhulu ‘ukubonga kuZolani ngesikhathi esimnandi ababe naso naye kanye nezinkumbulo zezinto ezinhle abazenze ndawonye, futhi bemfisela impumelelo kwakwenzayo.’

Ngokomumo wohlelo losuku, uMnu. Glen Sithole onguMqondisi oPhikweni Lwezokulawulwa Kukandabazantu (HRM) wethula inkulumo egameni loMnyango. Inkulumo yakhe ibingadle ngabude kodwa ibibeka amaqiniso. NgokukaMnu. Sithole, zimbalwa kakhulu izikhathi lapho abexhumana khona ngqo noMnu. Moosa nobekuzokwenza ukuthi amazi kangcono kunabanye kodwa isikhathi ababa naso uma kunemihlangano ngokomsebenzi kanye nokuhlangana uma kuhlelwa umsebenzi senze ukuthi uMnu. Sithole amqonde kangcono uZolani. “Ukulahlekelwa ngumuntu oyilolu hlobo, ayosebenza kwa-UIF– ngaphansi koMnyango Wezabasebenzi, kusho okuthile. Siyathemba uzowenza umehluko kuloya mnyango,” kubeka uMnu. Sithole ngamazwi okuqwashisa sakugcizelela. UMnu. Sithole uphinde wengeza ngamazwi okweluleka okumele abe wumaka kuZolani endleleni yakhe entsha ayithathayo ngokomsebenzi.

UNkk. Fikile Luthuli, oyiNhloko yoPhiko, naye uthole ithuba lokubeka awakhe amazwi okuvalelisa kodwa futhi ubejabula ngoba abasebenzi abaphethe baqhubekela phambili empilweni. “Ngokwami nje, lokhu wukulahlekelwa okukhulu. Sisanda kushiywa nguThobile Masondo manje-ke sengikuthola kunzima ukwamukela nokuvuma ukuthi usuyahamba.” “UZolani ubehlonipha kakhulu, enokuzethemba, enekhono, ezinikele futhi engenankinga yokwelekelela ngokweseka izingxenye ezimbili ‘okungeNikezela Ngezidingo kanye Nebhekele Amalungelo Abantu’ konke lokhu ekwenza yedwa,’’ kuqinisekisa uFikile. Uphinde wakufakazela ukuthi “uZolani umsebenzi wakhe uzowenza ngamandla akhe nangengqondo yakhe yonke – uzobe engasebenzi nje kodwa kodwa uzobe ewenza ngendlela efanele.” Esephetha, uNkk. Luthuli uthe, “Ngikufisela okuhle futhi ngiyazi ukuthi uzoba yisibonelo esihle.”

Kuyabonakala-ke manje ukuthi ukuhlomisa abasebenzi ngolwazi namakhono kuchaza indlela yokuphatha ngokwabelana nabasebenzi ngolwazi, imiklomelo kanye namandla ukuze bakwazi ukuzenzela bathathe nezinqumo eziphusile ukuxazulula izinkinga kanye nokwenza kangcono umsebenzi nokunikezela ngezidingo.

Kube ngumzuzu othinta inhliziyo ngesikhathi uMnu. Phiweyo Duma, onguMqondisi Omkhulu woPhiko Lwemisebenzi Edidiyele naye ethula eyakhe inkulumo kubasebenzi abebejabule. Ngale kokuthi ubengazizwa kahle empilweni ngalolu suku, uzame ngakho konke okusemandleni ukuthi ajabule ukubedlula bonke abebekhona, ikakhulu uMnu. Moosa. Uqale ngokuphawula ukuthi “Sekuthanda ukuba yinsakavukela impela ukuhanjelwa abasebenzi ngale ndlela.” UMnu. Duma uqhube wathi, “Kuthe lapho ngizihlola, ngaqaphele ukuthi sihanjelwa ngabasebenzi abazinikele futhi abazimiselayo. Ngakolunye uhlangothi, uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi ukhiqiza abasebenzi abasebenza kahle futhi abafunwayo kwezinye izindawo.” Ekhuluma ebheke ngakuZolani, uMnu. Duma ugcizelele ukuthi, “Enye yezinto ezisemqoka okufanele sizazi ukuzifundisa ukulalela. Ukhombise ukulalela nenhlonipho engachazeki kuyo yonke imikhakha.” Weluleke uZolani ngokuthi azibonakalise kulabo okungenzeka ukuthi banemicabango engesiyo kanye nokukungabaza ukuqashwa kwakhe emsebenzini wakhe omusha. “Ngiyaziqhenya ngawe futhi kuyangijabulisa ukuthi uzosenza siziqhenye,” kuphetha uMnu. Duma.

Ngesikhathi esevalelisa, uZolani akabanga namahloni njengoba kushiwo kodwa ube nokwethuka kodwa waziqinisa. “Okokuqala, ngithanda ukubonga abaphathi ngokungipha ithuba lokubungaza lokho engikuzuzile. Kube yintokozo ukusebenza ophikweni Lwezemisebenzi Edidiyele, ngizokukhumbula, futhi ngizothatha lokho okuhle nengikufundile kanye namakhono amqoka engiwahlomulile. Ngifunde ukuthi ithathwa kanjani imiyalelo, ukugxekwa kanye nezincomo. Ngifunde ukusabalala ngokomqondo, ngazise imibono yabanye abantu.” Lokhu ubekusho ngokukhulu ukuzethemba. Uphinde wathi “Ngokukhethekile, ngibonga kubaphathi boPhiko Lwezokulawulwa Kwemisebenzi Edidiyele kanye nabalingani bami ngokungenza ngizizwe ngiphephile futhi ngamukelekile, ukungenzela indawo yokusebenzela enemfudumalo kanye nokukhombisa umoya ‘woBuntu’ ngaso sonke isikhathi ngokunjalo nangokukhombisa ubuholi obuhle.’’

“Ngokukhethekile ngedlulisa ukubonga kuNkk. Luthuli ngobuholi, izeluleko, ukukhuthaza obuqhubeka ukukhombisa futhi lukhulu ebengisazolufunda kuye ngokolwazi analo. Okokugcina, ngibonga ngokukhethekile kobeyinduna yami uThobile Masondo. Ngikujabulele kakhulu ukusebenza ngaphansi kweso lakhe. Engikuqhakambisa kakhulu ngaye ukungethemba kanye nokukholelwa kimi abe nakho. Umfutho, umdlandla kanye nobuhlakani bakhe kungakhe kakhulu njengomsebenzi. Ngiyabonga ngokuthi ningivalelise, nginifisela amaholidi anenjabulo noNyaka Omusha Onenjabulo,’’ kuphetha uZolani.

Sekuvalwa, uNksz. Gugu Khuzwayo, oyi-Accounts Practitioner ngaphansi kwe-Human Resource Employment Practices (HREP), uxhawule waphinde wadlulisa nesipho sokubonga, wabe esehlebela uZolani ukuthi “Ngikufisela okuhle kodwa”.

Ngisho kuthiwa sihanjelwa ngabasebenzi bethu ngoba beya emadlelweni aluhlaza noma ngezinye izizathu, kubalulekile ukuthi uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi uqhubeke nokuhlomisa abasebenzi ngamakhono okuyinto egxile ekubanikezeni amakhono, izinsizakusebenza, amagunya, amathuba, ukukhuthaza, ngokunjalo nokuthi baziphendulele ngemiphumela yalokho abakwenzile, okuzoba nomthelela endleleni abasebenza ngayo kanye nokwaneliseka.

Kunzima ukwehlukana kodwa sikufisela okuhle, Zolani.

Message from the MEC


 

Contacts

Private Bag X9142, Pietermaritzburg, 3200

Tel no: 033 355 5500

E-mail: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.

This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.