UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi usabele kukhwelo lokubhekana nezinselelo zokwenyuka kwezinga lokushisa komhlaba

Kubika uVusi Shabalala kanti izithombe zithwetshulwe uSibongile Dlangalala

UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi KwaZulu-Natali ubambisene ne-Green Building Design Group basingathe ingqungquthela yesihlanu ebizwa nge-Going Green Conference (GGC2017). Le ngqungquthela ibibanjelwe eMgungundlovu e-Auditorium yoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kusukela mhla ziyi-11 kuya ziyi-15 kuMandulo wezi-2017. UNgqongqoshe woMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu kanye nezeMisebenzi Yomphakathi, uMnu. Ravigasen Pillay obehambisana noMnu. Thulani Mdadane, oyiNhloko yoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi bekuyibona abebeyizikhulu zikakhulumeni ebezithamele le ngqungquthela enohlonze. Ngakolunye uhlangothi, uNk. Songo Didiza, oyiSikhulu Esiphezulu (CEO) se-Green Building Group uyena obemele zonke izinhlaka okusetshenziswana nazo ebezikhona. Izihloko ezinohlonze ebezidingidwa zibandakanya ingqalasizinda yezamanzi nekagesi esimeme, izindlela ezintsha zokusetshenziswa kwezinsizakusebenza nezimali ngendlela efanele neyongayo okungasetshenziswa ekuphuthumiseni imiklamo yengqalasizinda yomphakathi esimeme kuleli lizwe.

 



Omile ngenhla (ngakwesokunxele) yinhloko yoMnyango uMnu. Mdadane ngenkathi ethula inkulumo yakhe ngosuku lokuqala lwe-GGC2017

Ngendlela ezoba sobala, ukuze niqonde kahle, i-‘Green Building’ yindlela yokwakha izakhiwo kanye nokusebenzisa izinqubo ezingayicekeli phansi imvelo futhi esebenzisa izinsizakusebenza ngendlela efanele enkathini leyo yokuba khona kwesakhiwo, kusuka kusenziwa ipulani, sekwakhiwa, sesitshenziswa, sesinakekelwa, sesilungiswa kabusha nalapho sesidilizwa. Lolu hlelo lungaba yimpumelelo uma uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanye nathi sisonke singabhekana nokwenyuka kwezinga lokushisa komhlaba (global warming) ngokuba silawule ngendlela efanele imiphumela engemihle yokuguquguka kwesimo sezulu ngokuba senze izinhlelo ezakha futhi ezisimamisa inhlalo, ezomnotho, nokunakekela imvelo futhi ezikwazi ukubhekana nezimo eziphuthumayo. Ukwenezela kulokho, ukufaka isandla ngokwanele emizamweni yomhlaba wonke yokugcina isilinganiso samagesi asemkhathini abangela ukwenyuka kwezinga lokushisa komhlaba ukunqanda ubungozi bomoya i-carbon dioxide ukuthi iphazamisane nesimo sezulu ngesikhathi esizovumela ukuba ezomnotho, inhlalo kanye nokuchuma kwemvelo kuqhubeke kusimama ngendlela esimeme.

Uma ubuka uhlelo lwesonto, ubungasho uthi le ngqungquthela iqondiswe ikakhulukazi kulabo abangabanini bezimboni, izingcwepheshi zokudweba amapulani ezakhiwo (onjiniyela, ama-architects, o-quantity surveyor, nabanye), abasebenzi, abafundi kanye nabanye ongoti okubandakanya izingcwepheshi zomsebenzi ngqo ngokunjalo nabakhi abazinikele ekwenzeni umsebenzi wokwakha ngendlela esimeme ekusebenzeni kwabo kwansuku zonke. Ngakho-ke, i-GGC2017 isembhidlangweni futhi iphokophele ukuguqula imakethe kanye nokushintsha indlela abantu ezweni lonke futhi ikakhulukazi KwaZulu-Natali abaqonda ngayo izakhiwo.

Osukwini lwesithathu lwengqungquthela, mhla ziyi-13 kuMandulo, uMnu. Mdadane iNhloko yoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi ube nethuba eliyingqayizivele lokukhuluma nokuxhumana nezingcwepheshi ezisafunda ngaphansi kwendikimba ethi, “Student Green Innovations Day,” kule ngqungquthela esingathwe ngokubambisana ne-Durban University of Technology. Le ngqungquthela ibibanjelwe e-Coastlands Hotel, e-The Ridge, eThekwini. Inkulumo kaMnu Mdadane ibicacile maqondana nokuthuthukiswa kanye nokunakekelwa kwengqalasizinda ngokuthi uMnyango njengalokhu ‘kunguwo oyifolosi kwezezakhiwo’ kumele usungule bese uqalisa ukusebenza kwezinhlelo ezidingekayo zokuthenga nokuqashisa izakhiwo ezibhekelela ukunakekelwa kwemvelo. Umnyango kumele futhi unciphise izinhlelo zokulawulwa kukagesi, amanzi kanye nemfucuza ngokunjalo nokusebenzisa imfucuza ukwenza ezinye izinto ezingasebenziseka nokuthenga izinto ezakhiwe kabusha ngemfucuza, ezakhiweni ezisetshenziswa noma okungezoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi KwaZulu-Natali. Le ngqungquthela inikeze izingcwepheshi ezisafunda nezisangamavukana ithuba lokuxoxa futhi yabavulela amathuba okuzithuthukisa emikhakheni abayenzayo.

 Public Works responds to global warming challenges

Ngenhla: (kusuka ngakwesokunxele kuya ngakwesokudla) uNgqongqoshe uMnu uPillay kanye neNhloko yoMnyango uMnu Mdadane beyobona ingadi eqalwe ngabasebenzi benhlokohhovisi yoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanti obukelayo uNk Londiwe Sokhabase oyi-architect.

Abantu emhlabeni wonke bakhuluma ngayo le ndaba yokuguquguquka kwesimo sezulu, izinselelo zako kanye nomthelela wako emhlabeni nakubantu. I- global warming ingachazwa ngokuthi ngukunyuka kancane kancane kwamazinga  ajwayelekile okushisa komkhathi ngenxa yokuthi isilinganiso esithile sezinga lokushisa eliza emhlabeni livela elangeni siyabambeka emkhathini esikhundleni sokuthi siphume siye emkhathini obizwa nge-space. Ngakho-ke lokhu kugqugquzele uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi, ngokusebenzisa i-GGC2017 ukuthi uqale ukuzibophezela ekwakheni ikusasa eliqhakazile nelisimeme ngokwakha izakhiwo ezingambi eqolo nezonga ugesi.  Kuyinjabulo ukwazisa umfundi wale ndatshana ukuthi uDkt. Stanley Gichia, onguMqondisi woPhiko Lwezokulawulwa Kwemiklamo Emikhulu (Major Projects Management) elingaphansi koMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi uyifolosi lalo mkhankaso wokwakhiwa nokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo egqugquzela futhi evumela uhlelo lokwakhiwa kwezakhiwo ezizoba nobuchwepheshe obuzonqanda ukunukubezeka kwemvelo, nemiphakathi, ubuchwepheshe obusha, amasu amasha kanye nezindlela ezingaholela emizamweni yokuxazulula ‘izinselelo zokwenyuka kwezinga lokushisa komhlaba.’

Kunomoya omningi ongcolile emkhathini odalwa izakhiwo, amabhanoyi, izimoto, imikhumbi kanye nezimboni okuzoqhubeka kukhiqize lo moya ongcolile nasenkathini ezayo. Umhlaba udinga  nje ukunciphisa izinga lomoya ongcolile emkhathini. Kudingeka ukuthi zonke izimboni ezihwebayo zisheshise futhi zenze umzamo obonakalayo ngokuhlanganyela ukuze kutholakale isisombululo sokuguqula umhlaba okudingekayo ukuze kugcinwe izinga lokushisha komhlaba libe sezingeni okufanele kube yilo.

UNgqongqoshe Pillay ekhuluma nabezindaba uthe, “lolu hlelo lwe-Going green wuhlelo okumele ngabe kade lwaqala ukusebenza.   Okungasho ukuthi asikenzi lutho ngalo. Esiphezu kwako nje ukuba sithole indlela ehlelekile neqondile yokuqalisa ukusebenza kwemigomo yalolu hlelo”. Izinhlaka zoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi KwaZulu-Natali zizosebenza kanzima ziqalise ukusebenza kwenqubomgomo i-“Green Building Policy” ngokugxila emisebenzini enqala esingabala kuyo ukunakekelwa, imiklamo emikhulu yengqalasindazinda nezakhiwo; ubuchwepheshe bezindlela zokunqanda ukunukubezeka kwemvelo kanye  nendlela yokufaka izitshalo kumbe izakhiwo izimpawu ezikhombisa ukuthi aziyona ingozi kuyona imvelo (eco-labelling).
Kulindeleke ukuthi le nqubomgomo isetshenziswe ngokugcwele nguMnyango kanye nayo yonke iminyango kahulumeni esifundazweni saKwaZulu-Natali.  Ukweseka lo mbono, kuzoqaliswa ukhukhulelangoqo womkhakaso wokuqwashisa ukuze bonke abantu baqonde ngenhloso yokwenza umhlaba ongcono, izizukulwane ezizohlala kuwona.

Message from the MEC


 

Contacts

Private Bag X9142, Pietermaritzburg, 3200

Tel no: 033 355 5500

E-mail: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.

This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.