UNgqongqoshe kaZwelonke Wezemsebenzi Yomphakathi ubuyisele emphakathini kuMasipala Wendawo uMhlathuze

Kubika uMelba Nzimande, Izithombe zithwetshulwe nguSane Khumalo-Mbhense

NgoLwesihlanu, mhla lulunye (1) kuMandulo wezi-2017, uNgqongqoshe kaZwelonke Wezemisebenzi Yomphakathi, uMnu Nathi Nhleko ngokubambisana nabasebenzisana nomasipala kanye neminyango kahulumeni benze umbukiso yemikhakha yemisebenzi ongayifundela (career expo) kuMasipala Wendawo uMhlathuze. I-Career expo ibibhekiswe kubafundi bebanga lesishagalolunye (9) kuya kweleshumi (10).

Njengalokhu bekulindelekile, abafundi abaphuma ezikoleni ezahlukene batheleke ngobuningi ukuzofunda ngemikhakha eyahlukene, okudingekayo ngokwezemfundo ukuze wenze leyo mikhakha, amathuba ezamabhizinisi, uxhaso lwemali, kanye namathuba emifundaze. I-Expo iphinde yagqugquzela amakhono okuxhumana nabanye abantu kuyo intsha ngokuthi ithole ithuba loxoxisana nalabo abebengamele umbukiso. UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kaZwelonke awugcinanga nje ngokuhlela lo mcimbi kepha ube sewumema uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi KwaKwaZulu-Natali ukuthi nawo uzokhangisa kulo mbukiso, wazise intsha ngoMnyango ngokwesifundazwe.


UNks Thuthukile Ndlovu Wezemsebenzi Yomphakathi KwaZulu-Natali efundisa abafundi bebanga lesishagalolunye (9) neleshumi (10) basoNgoye High  ngohlelo lwemifundaze nolwamathwasa loMnyango  

Kuhlalukile ukuthi uNgqongqoshe uNhleko wakhulela kuwona loMasipala Wendawo uMhlathuze waphinde wasebenzela umphakathi eyiMenenja kaMasipala emnyakeni embalwa eyedlule. Ukubuyela kuwo uMasipala uMhlathuze kube yinto emthinta kakhulu uNgqongqoshe kanti lokhu kuvele ngenkathi ethula inkulumo yakhe kuyo intsha. Bekunanezikhulumi ezivela ezikhungweni ezahlukene ezikhulume nentsha ebikhona. UNgqongqoshe uNhleko ukhuthaze intsha ukuthi “isebenzise leli leli thuba ukufunda konke engakufunda”. Wagcizelela ukuthi abaholi bakusasa bazophuma kulo leli qembu elikhona. Intsha ikhuthazwe ukuthi izihlelele yona impilo yayo.


UNgqongqoshe uNhleko ehambela imibukiso kuyo i-Career Expo

UNgqongqoshe uNhleko ube esesebenzisa lona leli thuba, wabiza bonke othisha abekade bekuwo lo mcimbi ukuthi beze phambili. Ube esebathulela isigqoko, ebabonga ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla nsuku zonke.

Lo mcimbi ube yintokozo njengalokhu bekukade kunanemibukiso ebithokozisa intsha ngenkathi ihamba ibuka. Abafundi bebenikezwe iziphuzo, bedlalelwa nomculo ngenkathi behamba bebuka imibukiso. Lilonke nje, lo mcimbi ubambe iqhaza elibonakalayo ekwelekeleleni abantu abasha lapho bekhetha izifundo nemikhakha abangayifundela. 

Message from the MEC


 

Contacts

Private Bag X9142, Pietermaritzburg, 3200

Tel no: 033 355 5500

E-mail: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.

This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.